Omunye umlingisi oselaxaze uZalo

2017-10-29 14:07

eThekwini - Ufana nongasavaleki umnyango ohlelweni oludlala nsukuzonke kuSABC1, Uzalo, njengoba bephuma belandelana abalingisi beshiya lolu hlelo.

Ngesonto eledlule, kuzwakale ukuthi umlingisi ohlonishwa kakhulu kuleli uLeleti Khumalo uyalushiua lolu hlelo, manje, sekukhona omunye omlandelayo.

Sekuvele ukuthi uSihle Ndaba odlala indawo kaMsamngele naye useyalushiya lolu hlelo.

Lo mlingisi uhamba nje bekusanamahlebezi wokuthi kukhona ukungazwani kahle phakathi kwakhe nozakwabo uGugu Gumede odlala indawo kaMaMlambo. Kuthiwa laba abakwazi nokuba segumbini elilodwa uma belungiselela ukusebenza.

UPepsi Pokane ongomunye wezikhulu zalolu hlelo wuyena oqinisekise lawa mahlebezi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...