'Omunye' udidise abantu bakhohlwa wucansi oluphephile ngamaholidi

2018-01-09 19:29

Johannesburg - Kubukeka sengathi iculo lodumo leDistruction Boyz elithi Omunye ebelidlala kuwo wonke amaphathi lizwakala nasematekisini ngamaholidi kaKhisimusi, lididise inqwaba yezakhamuzi zakuleli zakhohlwa ukwenza ucansi oluphephile ngesikhathi kuqhubeka imigubho eyahlukene.

Ucwaningo ngokuthengiswa kwamaphilisi okuvimbela ukukhulelwa aziwa ngokuthi ama-morning after kanjalo nama-pregnancy test lutshengise ukuthi kuthengiswe okwamagwinya ashisayo emakhemesi.

AbakwaSunday World benze ucwaningo emakhemesi aseLimpopo, KwaZulu-Natal naseGauteng mayelana nokudayiswa kwalezi zinsiza kusukela kuqale amaholidi kaKhisimusi, kanti kuzwakale ukuthi lolu cwaningo lungase luqulekise uNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi.

Kubikwa ukuthi ama-pregnancy test yiwo abethengwa ukudlula amaphilisi okuvimbela ukukhulelwa ngemuva kokuzibandakanya ocansini olungaphephile.

OLUNYE UDABA: Adayisa okwamakhekhe ashisayo ama-Morning After kuleli - Ucwaningo

UMosa Motala wasekhemesi laseKalapeng, eLebowakgomo, eLimpopo, uthe ngenyanga kaDisemba iyodwa, badayise amakhalibhothi okokuzihlola ukukhulelwa angu-80 nama-morning after angu-50 ngosuku.

UMaotala uthe njalo ngoDisemba ukudayiswa kwale mpahla kunyuka kakhulu. 

Elinye ikhemisi eliseMamelodi eTshwane lona, lithe lidayise ama-morning after angu-2 200 nama-pregnancy test angaphezu kuka-52 800 kusukela ekupheleni kukaNovemba kuze kuphele uDisemba 2017.

Ikhemisi eliseMpangeni KwaZulu-Natal iMedico, lithe bebelokhu bematasa njengoba amakhasimende abengena ephuma ezothenga ama-pregnancy test.

Udokotela wabesimame uDkt Phuti Ratshabedi uthe: "Kubukeka sengathi ukukhulelwa kwabanye abantu besifazane kusatshwa kakhulu kunokuthola izifo ezisulelana ngokocansi ezifana ne-HIV. Lokhu kuyakhathaza kakhulu."

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...