Okumele ukwazi ngohlelo olusha lukaMinnie Dlamini

2017-04-25 14:00

Cape Town – Osaziwayo abangabethuli bezinhlelo zikamabonakude, uMinnie Dlamini kanye noLungile Radu, bazokwethula uhlelo olusha lwezokujabulisa nolukhombisa ngendlela yokuphila luphinde lufake nezemidlalo.

Lolu hlelo oluzobe lusakazwa bukhoma, iHomeground, ludidiyelwa ngokuhlanganyela yiziteshi zikamabonakude esitholakala kuDStv, okuyiSuperSport kanye neMzansi Magic.

OLUNYE UDABA: Sekuputshuke imiyalezo kaBonang egxeka uMinnie Dlamini

OyiHead of Entertainment kwa-M-Net, uSphumelele Sibeko, uthi: “Ngosizo lukaSuperSport, sesihlahla indlela entsha ngokudidiyelwa kwezemidlalo bukhoma, kodwa siyakuhlanganisa nezobumnandi ezishisayo, nokuyinto ababukeli bethu abeze ukuzoyilindela kuthina.”

Nakhu okumele ukwazi ngalolu hlelo

Lumayelana nani:

Lolu hlelo oluzodlala masonto onke luzonikeza abalandeli izindaba zezemidlalo, imininingwane, izingxoxo nosaziwayo, lubandakanye nezinkundla zezokuxhumana, bese luphinde luthinta nendlela yokuphila.

Nini futhi kuphi:

Lolu hlelo luzosakazwa ngesikhathi esifanayo kuMzansi Magic (DStv 161) kanye noSuperSport 4 (DStv 204 ) ngo-21:30 kusihlwa.

Ephawula ngalolu hlelo olusha uMinnie Dlamini, uthe into ayithanda kakhulu ngalo ukuthi luxube izinhlobo eziningi zezemidlalo – hhayi nje ibhola lezinyawo kuphela. Uphinde wathi lolu hlelo luyinkundla enkulu yezikaqedisizingu. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...