OkaYeye uthi akasiboni isidingo somshado omhlophe

2017-06-29 12:29

Johannesburg - Umethuli wezemidlalo uMpho Maboi uthi yena nesoka lakhe eliyisihlabani sebhola lezinyawo uReneilwe "Yeye" Letsholonyane angeke baze babe nomshado omhlophe.

UMpho udalule lokhu namuhla ekuseni emsakazweni iMetro FM ohlelweni lwasekuseni iFresh Breakfast wathi akawufuni umshado omhlophe ngoba akawuqondi ukuthi ungowani.

OLUNYE UDABA:Kwasikhulisa ukuhlukana kwethu - OkaYeye

"Angeke size sibe nomshado omhlophe. Angisiboni isidingo sawo uma usuwenziwe owesintu ngakho angitholi ukuthi sikuphi isidingo somshado omhlophe," kuchaza uMpho.

UMpho noReneilwe sebenesikhathi eside bethandana, yize bake baba nekhefu othandweni lwabo baphinde babuyelana.

Banendodana eyodwa, kepha uReneilwe unenye ingane yentombazane ayithola ngaphambi kokuhlangana noMpho.

 - Drum


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...