Okamaskandi kudingeke ayonandisa nakuba egubuzelwe yifu elimnyama

2017-10-31 14:01

Durban - Isihlabani sikaMaskandi uPhuzekhemisi Mnyandu uthe bekumele ayonandisa nakuba esethole izindaba zokushona kwendodana yakhe.

UPhuzekhemesi ubebhukhwe ukuba ayonandisa emcimbini obuseMgababa KwaZulu-Natal, ngeSonto.

Lo mculi utshele iSowetan ukuthi indodana yakhe uMagugu Mnyandu ishayiswe yimoto iwela umgwaqo omkhulu eThekwini ngeSonto.

UMagugu, 22, ubeyohlangana noyise kanye nalabo abeyonandisa nabo.

"Angikholwanga ngifonelwa ukuba ngiphuthume endaweni yesigameko. Indodana yami iphuma koninalume ukuyofihla umalume wayo kanti bekumele sihlangane ukuze siyonandisa eMgababa.”

OLUNYE UDABA: Wethula ubufakazi enkantolo osolwa ngokuulala umndeni ngembazo

"Nginesiqiniseko sokuthi ubewela uthelawayeka ephuthuma kohlangana nathi, kodwa akafikanga. Indodana yami ishonele endaweni yesigameko ngenxa yokulimala ekhanda. Ngehlelwe yinto ebuhlungu kakhulu.”

UMnyandu uthe uqale walinda ukuba isidumbu sendodana yakhe siyiswe emakhazeni ngaphambi kokuba ayonandisa.

Uthe bekunzima ukunandisa kodwa bekumele uhlelo luqhubeke.

UMnyandu uthi okubuhlungu kakhulu ukuthi indodana yakhe ibisifunda unyaka wokugcina e-University of South Africa (Unisa).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...