OkaDlamini ulibangise kwelaseRussia ngohlelo olusha

2017-06-15 19:28

Durban - UMinnie Dlamini usehambela phezulu kwakhulu njengomethuli wesimame kwezemidlalo njengoba esethole ithuba eliyinqayizivele.

Le ntokazi iyaziqoqela izinhlelo zakumabonakude njengoba isithole ithuba lokwethula uhlelo olusha.

Lesi sibutubutwana saKwaZulu-Natal simemezele ngoLwesithathu ukuthi kunehlelo olusha oluzodlala kuSuperSport ngaphambi kokuqala kwemidlalo yendebe yomhlaba.

OLUNYE UDABA:UMinnie Dlamini udayisele iMultiChoice amalungelo okwethula umshado wakhe

Ekhuluma nabeTshisaLIVE‚ uMinnie uxoxe kabanzi ngohlelo oludlala imizuzu engu-30 elibizwa ngokuthi, From Russia with Love‚ luzobonisa abathandi bebhola likanobhutshuzwayo konke okwenzeka kule midlalo.

“Lolu wuhlelo lwami ngedwa nokuyinto engijabulisa kakhulu. Okunye okuhle wukuthi ngithola elinye ithuba elihle lokwenza lokhu engikuthandayo, ukuxoxa ngezemidlalo,”kusho yena.

Lolu hlelo lozodlala njalo ngoMgqibelo lukhangisa iFIFA Confederations Cup ku-SuperSport 3 HD ekuseni ngo-10.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...