Ohlulwe kuma-Idols akakakulungeli ukukhuluma nabezindaba, uthola usizo

2017-11-21 16:01

Cape Town - Lowo okhale ngaphansi kuma-Idols uMthokozisi Ndaba ngeke akhulume nabezindaba okwamanje njengoba ethola usizo lokubhekana nobuhlungu benhliziyo ngemuva kokuhlulwa nguPaxton Fielies kulo mncintiswano ngeSonto ebusuku.

UMthokozisi Ndaba, 25, waKwaMashu, eThekwini, osebhekane nobunzima obuningi empilweni, uyehluleka ukwamukela ukuthi uqunjwe phansi nguPaxton waseBishop Lavis, eKapa.

Ngemuva kokumenyezelwa kowinile, uMthokozisi uvele waphuma esiteji wangabonakala ngemuva kukaPaxton esecula iculo lokuvala waphinde wanqaba nokukhuluma nabezindaba.

UNondumiso Mabece, okhulumela iM-Net, uthe uMthokozisi ngeke abe nezingxoxo nabezindaba njengoba esathola usizo lokuba akwazi ukubhekana nokuphoxeka bokungawini.

OLUNYE UDABA: Ubuhlungu benhliziyo obenze 'wayocasha' ohlulwe kuma-Idols

"UMthokozisi usenxuse ukuba anikezwe isikhathi sokuba akwazi ukubhekana nokuhlulwa kulo mncintiswano. Uzositshela uma esekulungele ukukhuluma nabezindaba.

"Okwamanje usathola usizo lokubhekana nobuhlungu benhliziyo kulandela ukunganqobi."

UMthokozisi ngeke agoduke engaphethe lutho njengoba ezohlabana ngemiklomelo ebiza ngaphezu kuka-R150 000, okubalwa imali engukheshi engu-R50 000 evela kwaTelkom, u-R50 000 azowuthola kwaCapitec, u-R10 000 wama-voucher aseTruworths, umbhobho wokucula wakwaSure wenani lika-R30 000 kanye nezinsiza zokucula zakwaYamaha zenani lika-R25 000.

UMthokozisi waba yintandane eneminyaka engu-14 ubudala waphinde wafeyila umatikuletsheni ngo-2009. Wabuyela esikoleni wawuphasa ngo-2012.

Kuthe ngoFebhuwari nonyaka wadutshulwa emlenzeni ngesikhathi kuphangwa kubo, kepha waqinisela kunjalo waqhubeka nomncintiswano.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...