Ogilwe wuSne emsakazweni uthi usadidekile ngalokhu okumehlele

2017-11-17 18:00

eThekwini - Owesilisa ogama lakhe nguLwazi uthi usashaqekile ngalokhu okumehlele iTheku lonke lilalele.

Abasakazi bohlelo lwasemini kuGagasi FM uSpectacular noNaves babuye baxhumana naye befuna ukuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngalokhu akuzwe ngoLwesine ethi ufuna ukujabulisa intombi yakhe.

Lo mlisa uthi akakakhulumi noSne futhi akakholwa ukuthi yiqiniso ngalokhu okwenzekile futhi ucabanga ukuthi kukhona odlala ngaye.

"Angikholwa ukuthi angangenza into efana nalena futhi uma kungukuthi kuyiqiniso, cha kubuhlungu futhi ngibuhlungu emoyeni wami, ngeke ngiphumule ngingakalitholi iqiniso," kusho yena.

OLUNYE UDABA:#Siyagobhoza: USne uthi yena noLwazi bebencinzana kuphela

Ngesikhathi abasakazi bezama ukuxhumana noSne ucingo lukhale lwangaphendulwa, kwacaca ukuthi akafuni ukukhuluma.

Abasakazi bathi baphoxekile ngokuthi uSne obathembise ukuthi uzokhuluma nabo akasayiphenduli.

Ngesikhathi kukhulunywa naye ngasese uSne uthi akafuni ukukhuluma ngalolu daba emoyeni futhi ucela bamyeke phansi.

Bathi bazozama ukuxhumanisa lo mlisa nabeluleki bengqondo ukuze bamsize akwazi ukubhekana nalesi simo adlule kuso.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...