Odla ukotini uxoshwe yisitebele sakhe kulandela amagama ahlabayo

2017-03-12 17:00

Durban -  Umrepha wodumo lokudla uKotini usekhonjwe indlela kolandela inkulumo ayenza emcimbini wezindondo zama-metro FM Awards.

IMabala Noise icasuke kangangokuba isivele yamdedela uRicky Rick ukuba aqhubeke nokubalisa kwakhe kwenye indawo.

Kuthiwa inkulumo yalo rrepha ayehlanga kahle neze kubaphathi ababona sengathi indondo yakhe akayijabuleli ngoba esola ukuthi "ithengiwe."

OLUNYE UDABA:Ngabe bekungamaMetro FM Awards noma iMabala Noise Awards?

Ngokwemibiko yeSolezwe, bazamile ukuxhumana nalo mculi kodwa akayiphendulanga imibuzo athunyelwe yona.

Okhulumela iMabala Noise uMhlo Gumede ukuchithile ukuthi lo mculo akaseyona ingxenye yenkampani. 

"Thina sinenkontileka noRicky Rick engakanqanyulwa. Ngokwazi kwethu useyongxenye yenkampani njengoba lungekho noshintsho olwenziwe kwinkontileka yakhe."

Yize kunjalo lo mrepha uvalelwe ngaphandle kweminye yemicimbi ebihlelwe yile nkampani ukubongaza ukuwina inqwaba yezindondo, Metro FM Music Awards iMabala’s Metro Awards Celebration Concert obuyizolo eHouse 22 ePitoli.

Maqondana nokungafakwa kwegama likaRiky Rick emcimbini uMhlo uthe akubona bonke abaculi beMabala Noise abebezonandisa kulo mcimbi.

Uveze ukuthi bekubhekwa ukuthi obani abazobe bekhona bengaqashiwe kwezinye izindawo nokuthi bakufanele yini ukuthi banganandisa ekilabhini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-28°C Sunny. Warm. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...