Obesebenzela iMabala Noise kuthiwa 'uziqedile' izimali zabaculi nezenkampani

2017-07-14 12:34

Cape Town – Inkampani eqopha umculo iphinde iphathe abaculi, iMabala Noise, isikhulule ngokushesha lowo obengumxhumanisi wale nkampani nabezindaba, uMhlo Gumede.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba le nkampani isole uGumede ngokuthi ubekhiphisa abaculi abasafufusa izimali ebathembisa ukuthi uzobatholela isivumelwano sokusayina kule nkampani.

Ngokwalesi sitatimende, uGumede uphinde asolwe nangokuntshontsha kanye nokungasebenzisi kahle imali yenkampani kanti kuyimanje iMabala Noise isezinhlelweni zokumvulela amacala obugebengu.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswe umndeni kaRay Phiri 'ngeqola' eliwuMzwakhe Mbuli

Le mibiko ethusayo ivele ngemuva kokuthi le nkampani imemezele ukuthi kuzoba nokuhlelwa kabusha kulesi sitebela, nokubandakanya ukukhululwa kwabaculi abaningi.

“Akusona isinqumo esilula ukuhlukana ngezindlela nabantu ngaphambilini ababeyingxenye ebalulekile yeqembu noma abaxhumene neqembu. Izinqumo engizithatha eMabala Noise zihlale zicatshangisiswe kahle futhi azikho ngokuphakama kwemimoya.

"Ngizobugcina ubudlelwane enginabo nalabo abebengozakwethu kanye nabaculi, futhi ngibafisela konke okuhle kwabazokwenza kwingomuso,” kunaba isikhulu seMabala Noise, uReggie Nkabinde.

UGumede ushade nodadewabo womculi wakuleli, uKelly Khumalo, uZandile Khumalo, naye ongumculi ngokwakhe.

UGumede ubengakaphawuli ngalezi zindaba njengoba iThe Juice ilokhu isemizamweni yokumthinta. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...