'Ngingcono kakhulu kunoZodwa', kusho omunye othanda ukufequza

2018-03-14 16:01

eGoli - UTshegofatso Bonvica usephonsele inselelo umshayi wevosho ongaligqoki iphenti, uZodwa Wabantu, ngokuthi baqhudelane ngokudansa.

Le ntokazi nayo engaligqoki iphenti ineminyaka engu-28 ubudala kanti isebenza njengo-cashier emini kuthi ebusuku iyoyixavatha.

Lo nontandakubukwa uthi kushukuma inkundla yonke uma engena esitegi edansa, uzwa ngabantu bethi:“A$$Quake! A$$Quake! A$$Quake!”

Uthi ukujuxuza lokhu athanda ukukwenza akumlethelanga udumo kuphela kodwa nemali uyayithola.

OLUNYE UDABA:Ukhonjwe afike ngayo eZambia uZodwa Wabantu

Uthi uhlezi eqashwa njalo emicimbini eyahlukene ngoba amadoda awadeli ukumbuka eseshaya adume ngazo.

Udume kakhulu eTshwane njengoba kuyilapho ebhukhwa khona ukuba ajabulise abantu emakilabhini ahlukahlukene.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngempelasonto kuzwakale izindmaba ezithi uZodwa ushaywe ngesithende esanda kutheleka eZambia eyonandisa.

Kuthiwa izikhulu zezwe zikhale ngokuthi uzokwehlisa isithunzi sezwe esibuswa yimithetho yobuKrestu.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...