'Ngifisa sengathi intombi yami ingangasibona isithombe sikaNdlozi'

2017-10-16 17:59

Johannesburg - USomlomo we-Economic Freedom Fighters (EFF) uDkt Mbuyiseni "People's bae" Ndlozi uyiqhathile enkundleni yezokuxhumana kanti futhi iningi labantu besilisa, lithi kufanele anqandwe ngaphambi kokuba azithole enegama elisha lokubhidliza imizi yabantu.

UNdlozi ubonakala ekhaveni yephephabhuku iDestiny kaNovemba.

"Simi ndawonye, ayikho inqubekelaphambili kwezomnotho,” lawa ngamazwi kaNdlozi abhalwe kuleli phephabhuku.

OLUNYE UDABA:Injabulo kumama kaMbuyiseni Ndlozi ozothweswa iziqu zobudokotela

Owesilisa ophawule kuqala ngaleli phephabhuku, uthe uyathemba ukuthi intombi yakhe angeke ilibone leli phephabhuku ngoba izinkinga zayo zizokwanda.

"Indlela ebuka ngayo uNdlozi iyangiqwashisa ebusuku," kuqhuba le ndoda ezikhalelayo.

Iningi lizwelane nale ndoda, lathi abantu besifazane abanakuthenjwa uma kuziwa ngakuNdlozi.

Nangempela injabulo ibikwelinye izinga kubantu besifazane bebona isithombe sikaNdlozi kuleli phephabhuku.

 - ISITHOMBE:

 - The Citizen



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...