Ngeke abulawe olingiswa uJoe Mafela ku-Generations - kusho ababhali

2017-03-22 16:01

Durban - Umsunguli obuye abe ngumdidiyeli omkhulu wohlelo oluyintandokazi i-Generations: The Legacy,  uMfundi Vundla, uthi ngeke abulawe umlingiswa, uTebogo Moroka.

UVundla usho lokhu kulandela amahlebezi wokuthi umlingiswa angahle abulawe njengoba uJoe Mafela obelingisa indawo kaTebogo Moroka esanda kushona engozini yemoto.

Umthombo wephephandaba iDaily Sun uthe kubanjwe umhlangano ophuthumayo kulandela izindaba zokushona kwale nkakha.

“Isimo asisihle neze njengoba wonke umuntu ekhungethwe wusizi ngokushona kukababa uMafela,”kusho lo mthombo.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Lala kahle 'Sdumo' uyibekile induku ebandla

Lo mthombo uqhubeke wathi uMafela bekumele ngabe ubuyile kuleli sonto ukuzoqopha indawo yakhe.

Okwamanje lo mlingiswa usavakashele eRustenburg, kanti ophrojusa balolu hlelo bathi ngeke asabuya.

“Okwamanje sizacubungula izindlela zokubhekana nalesi simo, njengoba uTebogo eseRustenburg okwamanje, kungenzeka ukuba ahlale lapho angabe esabuya,” kusho uVundla.

Joe Mafela

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...