Ngathi usethole amadlelo aluhlaza uMarawa

2017-07-09 16:32

Durban - Kuthiwa uRobert Marawa usezoshayela uhlelo lwezemidlalo emsakazweni i-Touch HD esakaza online.

Ngokubika kwephephandaba langeSonto iSunday Sun, kuthiwa lo msakazi usezingxongweni nomphathi walesi siteshi uThabo “Tbo Touch” Molefe. 

Umthombo osondelene nalo smakazo uthele leli phephandaba ukuthi uRobert usaqhathanisa izinto ngemuva kokuba nomhlangano nophathi walesi siteshi kuleli sonto.

Omunye umthombo uthe usola sengathi izingxoxo zizogoqwa ngoLwesibili oluzayo.

OLUNYE UDABA:Ugcine ekhonjwe indlela umsakazi woKhozi FM

Emasontweni amathathu adlule, uMarawa wanqaba ukubuyela esiteshini iMetro FM ngemuva kokuxoshwa kwalowo owayengumhleli wohlelo lwakhe uBervery Maphangwa.

Ekhuluma nabamaphepha uMolefe uthe akuyona imfihlo ukuthi basezingxoxweni nalo msakazi futhi wonke umuntu ukulangazelele ukusebenzisana naye.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...