Ngamxwayisa uRiky Rick ngokujoyina iMabala Noise - Malema

2017-03-14 12:31

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema uthi wamxwayisa umrepha wakuleli, uRiky Rick, ngokujoyina iMabala Noise.

Lokhu ukusho ngemuva kokuba lesi sihlabani simemezele ukuthi sesishiyile ngaphansi kwesitebele iMabala Noise.

URiky Rick akagcinanga lapho, kodwa waphinda wasola abesitebele ngokusongela yena kanye nomndeni wakhe.

URiky Rick wamangaza abaningi ngenkulumo ayenza eyokwamukela indondo yakhe kuma-Metro FM Music Award, egxeka imboni yomculo.

OLUNYE UDABA: Ubukhazikhathi usaziwayo eyokwembesa inguduso yakhe ekhulelwe

Inkulumo yakhe yanqanyulwa kodwa lokho akumvimbanga ekuzwakaliseni ilaka lakhe.

UMalema kuTwitter uthe: "Ngiyamazi u-@rikyrickworld ne-@MAJORLEAGUEDJZ &  futhi ngabaxwayisa ngokujoyina i-@Mabala_Noise enenkohlakalo kwasekuqaleni".

Okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi uthe iqembu lakhe alikakulungeli ukuphawula ngokusemthethweni ngodaba lukaRiky Rick lokushiya isitebele.

- SowetanLive

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...