Ngabe u-AKA usefuna ukubuyelana noDJ Zinhle?

2018-02-01 12:50

Johannesburg - Umrepha wakuleli uKiernan Jarryd Forbes odume kakhulu ngelika-AKA ugcine exolisile kulowo owayeyintombi yakhe futhi ongumama wengane yakhe uDJ Zinhle, ohlelweni lwakumabonakude i-Real Talk with Anele izolo (ngoLwesithathu) ntambama.

Lo mrepha wahlukana noNtombezinhle 'DJ Zinhle' Jiyane ngesikhathi ekhulelwe ingane yabo uKairo, emalela uBonang Matheba.

OLUNYE UDABA:Umalume kaDJ Zinhle uthi ufuna ukufinyisa u-AKA igazi

Lezi zithandani zahlukana kabuhlungu kubuka umhlaba.

"UZinhle wayelungile namanje kusenjalo, ungumuntu wesifazane oqotho, ukhaliphile futhi ungumama olungile kanti ngesikhathi sokuhlukana ngangisemncane ngiyisiwula kakhulu ukukubona konke lokho," kusho u-AKA etshela u-Anele Mdoda.

Lokhu kuza ngemuva kokuba u-AKA esehlukene noBonang.

Ukuxolisa kwa-AKA kumabonakude kuvuse imvunge enkundleni yezokuxhumana iTwitter.

 - Twitter:



 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...