Nazi ezizothokozisa abalandeli boZalo

2017-02-06 17:05

Durban – Umdlalo kamabonakude owuchungechunge, uZalo, usuzokhonjiswa kusukela ngoMsombuluko kuze kuyoshaya uLwesihlanu njengoba kuqala isizini entsha.

Lolu shintsho luzoqala namhlanje (ngoMsombuluko) ngomhlaka-6 Febhuwari.

Lo mdlalo ongaconsi phansi kubabukeli, nohamba phambili ngokubukwa kuleli, wamemezela lezi zinguquko ngasekupheleni konyaka owedlule.

Kuzokhumbuleka ukuthi iphephandaba ILANGA lake labika ukuthi kuxega amadolo kubalingisi balo mdlalo okhonjiswa kuSABC 1 njengoba kuthiwa kukhona abasengozini yokudliwa yizembe, futhi kuza nabadlali abasha, abanohlonze abazodlisela ogageni abanye.  

OLUNYE UDABA: Izinguquko emdlalweni uZalo

Phakathi kwabalingisi abasha, abajoyina lo mdlalo kubalwa uBrenda Ngxoli wodumo kwi-Home Affairs, nguMasoja Msiza obedlala kwi-Sibaya, nguLuthuli Dlamini oke wadlala kwi-Rockville noClement Maosa we-Skeem Saam. 

UNgxoli ke nokho wamemezela ukuthi useshiye phansi ukuqopha lo mdlalo ngoba kunezinto eziningi abengagculisekile ngazo.

Umthombo ongaphakathi, ongomunye wabadlali abadala waphawula ngaleso sikhathi wathi  kunomuzwa wenjabulo yokuthi kuza abadlali abahlonishwayo, kodwa futhi abanye banetwetwe ngoba akwaziwa ukuthi izembe lizogawula kubani.

NgoLwesithathu olwedlule, kulo mdlalo kwagcina kuvele uZandile MaNzuza Mdletshe eshayise ngemoto uLindiwe Xulu waphinde wadubula uMxolisi Mdletshe ngemuva kokuthola ukuthi yibo ababulala indodana yakhe uNkosinathi. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...