Nayi imali uBabes Wodumo ayibizayo ukuze akushayele zonke izingoma zakhe

2017-07-25 14:00

Cape Town – Intokazi yakuleli engumculi ephinde ibe ngumdansi, uBabes Wodumo, ube nengxoxo nomsakazi we-5FM, uThando Thabethe.

Kule ngxoxo uBabes ukhulume ngama-extensions ayimibalabala awafaka ekhanda, ukuthi impilo yakhe isishintshe kanjani selokhu aqala ukuduma, ukuthi unalo yini isoka kanye nokuthi ubiza malini uma ngabe ufuna ukumqasha ukuze ezokunandisela.

Le ngxoxo ibingoMsombuluko ntambama kulolu hlelo lukaThando, iThe Thabooty Drive.

Nazi ezinye zezinto ezihlaluke kule ngxoxo:

Kungani ehlala eshintshashintsha izitayela kanye nemibala yezinwele:

“Kusukela ngimncane ngangikuthanda ukwenza izinto, ngangijwayele ukwenza izinto ezihlukene njengemasingili, imibala.” Uphinde waveza nokuthi usezodayisa lezi zinwele ngaphambi kokuba kuphele unyaka.

Isishintshe kanjani impilo yakhe selokhu aqala ukuduma?

Le ntokazi eneminyaka engu-22 ubudala ithi isishintshile indlela aphumela ngayo ngaphandle. “Angikwazi ukuya ezinxanxatheleni zesitolo noma ngabe yini, abantu bazothi: ‘Babes ngicela ukushutha isithombe nawe?”

OLUNYE UDABA:Inkampani entsha isilaxaze uBabes ngenxa yokungaboni ngasolinye

Ube esebuzwa ukuthi unalo yini isoka:

“Anginalo isoka. Kwesinye isikhathi ngigqoka indandatho yami kodwa okumele ukwazi ukuthi ngishade namaphupho ami,” kusho uBabes. Ngesikhathi uThando egcizelela ukuthi kungenzeka ukuthi usethenjiswe umshado, uBabes uqhubekile wama kwelokuthi yena akanasoka.

Nayi indlela uBabes abhekana ngayo nabamgxekayo:

Lo mculi wodumo lwengoma iWololo uthi: “Akungeni kumina. Ngiyacula, ngiyadansa, ngithola imali.”

Into yokuqala ayithenga:

Lo mdansi uthi into yokuqala ayithenga ngemali ayithola nge-single yakhe yokuqala kwaba igilosa ayithengela umndeni wakhe.

Kubiza malini ukuqasha uBabese Wodumo:

Ngesikhathi ebuzwa uThando ukuthi kubiza malini ukumbhuka ukuze azokunandisela emcimbini, lo mculi uthe akabizi imali engaphansi kuka-R90 000, wathi ngaleyo mali uzozishaya zonke izingoma zakhe kwisethi eyodwa.

Nawu umcimbi olandelayo uBabes azonandisa kuwona:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...