Nasi isithombe sokuqala samawele abaculi abadumile

2017-07-14 11:00

Cape Town – Umculi waseMelika ongaconsi phansi, uBeyoncé, usabelane ngesithombe sokuqala sezingane zakhe nomrepha waphesheya, uJay-Z, ezingamawele.

Lesi sihlabani sodumo lwengoma iSorry sabelane ngesithombe saso siphethe la mawele ngesikhathi emi phambi kwezimbali ezifanayo nengqikithi yesimemezelo sakhe sokukhulelwa.

OLUNYE UDABA: LALELA: Ingane (5) yomculi odumile igila izimanga kwi-albhamu entsha

Embhalweni ohambisana nalesi sithombe, uQueen Bey uqinisekise usuku lokuzalwa kanjalo namagama ezingane zakhe ezisanda kuzalwa.

UBeyoncé wamemezela ukuthi yena noJay-Z balindele amawele ku-Instagram ngomhlaka-1 kuFebhuwari nalapho ayefake khona nesithombe sakhe ekhulelwe.

Lezi zingane zazalwa ngoLwesibili ,mhlaka-13 June.

Zibonele ngezansi isithombe sezingane zalaba baculi, uSir kanye noRumi Carter.

Sir Carter and Rumi 1 month today. ??????????????????????????

A post shared by Beyoncé (@beyonce) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...