Namanje ayimphethe kahle eyokuhlulwa uBabes Wodumo - Umbiko

2017-03-12 08:20

Durban – Kubikwa ukuthi ayizange imphathe neze kahle eyokubuya eshwiba izandla emcimbini amaMetro FM Awards, umculi waseThekwini ofike kwezomculo kwezwakala.

Kulo mcimbi owawungomhlaka-25 Febhuwari, uBongekile “Babes Wodumo” Simelane, akazange athole ngisho eyokubika indondo.

Umbiko uqhuba ngokuthi lokhu kwahlikihla usawoti esilondeni njengoba lo mculi aphuthwa nayiSong of the Year yakwa-SABC, eyathathwa nguMroza wodumo lwengoma ethi Van Damme.

OLUNYE UDABA: Ulaxazwe yimenenja uBabes Wodumo

I-website yobumnandi i-OK Mzansi ibike ukuthi uBabes wabonakala ekhihla isililo kumaMetro kulandela ukuhamba engatholanga lutho.

“Wonke umuntu wayevulelekile ukuthi angakhankasa, ngeke sishintshe imigomo ngenxa yabathile,” kucashunwa lowo okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago kulandela ukuthi ebuzwe ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi iWololo ihlulwe nguVan Damme.

“Amavoti abalwa yinkampani ezimele sase saziswa ngobashaye bonke emakhanda, sase siyalimemezela igama lakhe,” esho.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...