Nali ithuba lokuzitholela umaqondana olethulelwa uLaMbokazi

2017-01-31 11:32

Durban - Lowo owayengumsakazi woKhozi FM nongumsunguli wamaCrown Gospel Awards, uZanele Mbokazi kanye nomyeni wakhe uBishop Mpendulo Nkampule, bazoba nengqungquthela okuhloswe ngayo ukusiza abantu abangashadile.

Le ngqungquthela eyaziwa nge-Singles Conference, engaphansi kwesihloko iKhwezela, kuhloswe ngayo ukulekelela kakhulu labo abangashadile, abafuna umshado.

“Phakathi kwezinto esizozibheka kule ngqungquthela uhlobo lwezinkinga abantu ababhekana nazo uma bethandana. Sizobe sikhuluma ngendlela okumele kwenziwe ngayo izinto, izinto okumele abantu baziqikelele, ikakhulukazi nendaba yomama bezingane," kusho uLaMbokazi.

Ngokusho kukaLaMbokazi, le ngqungquthela ineminyaka emithathu ikhona kodwa ibingekho ngonyaka ophelile kanti futhi ngokuvamile bekuba neyabantu besifazane bodwa kanjalo neyabantu besilisa.

Okunye okuzobhekisiswa kule ngqungquthela yindaba yocansi phakathi kwabantu abathandanayo kanjalo nendima edlalwa uNkulunkulu kulobu budlelwano, uma ikhona.

OLUNYE UDABA: Bakhathazekile abokufika abahlala ePitoli

Le ngqungquthela izoba seThekwini ngomhlaka-18 Febhuwari 2017 eWord Of Hope Ministries ngo-12:00 emini, umlenze wesibili uzoba seMgungundlovu ngomhlaka-19 Febhuwari 2017 eCity Hall ngo-13:00.

Abantu abavumeleke ukuba bathamele le ngqungquthela ngabantu abaneminyaka engekho ngaphansi kuka-18 ubudala kanti imali yokungena u-R150 umuntu emunye.

“Ngenxa yesasasa esilithola ezinkundleni zokuxhumana ngale ngqungquthela, sisazozimemezela ezinye izindawo esizozihambela,” kuqhuba uLaMbokazi.

“Sijabule kakhulu ngokubuyisa le ngqungquthela yabantu abangashadile. Simema wonke umuntu ongashadile ukuba eze ezolalela, abuze nemibuzo afunde nakwabanye abangashadile njengaye. Akekho umuntu onezimpendulo zonke zezindaba zokuthandana," ephetha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...