Nakhu okuzokwenzeka kumlingiswa kaSandy Mokwena kwiScandal!

2018-01-31 18:02

Cape Town - Ukushona koqweqwe lomlingisi uSandy Mokwena, odlule emhlabeni ngoLwesithathu olwedlule eneminyaka engu-68 ubudala, kuphoqe ukuthi kwenziwe izinguquko emdlalweni kamabonakude abelingisa kuwo.

UMokwena waduma kakhulu ngendawo ka-Eddie Khumalo abeyidlala kwiScandal! okungumdlalo otshengiswa njalo phakathi nezinsuku ngo-19:30 ku-e.tv.

Ekhuluma neThe Juice, lowo ongumxhumanisi we-e.tv nabezindaba, uMichael Pocock, uthe inkampani ekhiqiza lo mdlalo - i-Ohcre Moving Pictures - inqume ukuyigcina indawo ka-Eddie Khumalo.

"Umlingiswa bekumele athathe umhlalaphansi, ngaleyo ndlela uzokwazi ukuqhubeka nokuba semicabangweni yethu," esho.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwedlula emhlabeni esinye isihlabani embonini yezokulingisa

Umngcwabo kaMokwena uzoba ngomhlaka-2 Febhuwari eGrace Bible Church, eSoweto. Uzobekwa endaweni yakhe yokugcina eHeroes Acre, eWest Park Cemetery, eGoli.

kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo yangasese kuleli sonto bese ilandelwa ngeyomngcwabo ngoLwesihlanu.

“Ukufa kusiphuce ubaba, umlingisi onekhono kanye nendoda ebesibukela kuyo kakhulu," kusho isitatimende esikhishwe yi-e.tv. 

Ngesonto eledlule, indodakazi kaMokwena iveze ukuthi lo mlingisi udlule emhlabeni eneminyaka engu-68 ubudala.

UKeabetswe Mokwena uphinde waveza ukuthi bese kuphele isikhathi esingangonyaka ubaba wakhe ephethwe yisifo senhliziyo.

Kuthiwa ube esexineka kakhulu ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...