Naba osaziwayo abawine kuma-DStv Mzansi Viewers’ Choice Awards

2017-08-28 09:33

Johannesburg – Kuqhopheke umlando ngoMgqibelo, mhlaka-26 August ngesikhathi kunomcimbi wokuqala ngqa wama-DStv Mzansi Viewers’ Choice Awards.


Abe ngu-1 million
amavoti abantu abavotele osaziwayo abangu-50 abaphakanyiselwe emikhakheni engu-10 eyehlukene.

UMethuli wezinhlelo zikamabonakude kuleli, uBonang Matheba, uyena obephethe uhlelo.

Ama-DStv Mzansi Viewers’ Choice Awards abesakazelwa bukhoma izigidi zabantu kuMzansi Magic (DStv Channel 161).

Inkakha yomculi wakueli we-jazz, uHugh Masekela, uhlonishwe ngendondo yeLifetime Achievement Award neyethulwe kuyena yi-CEO yakwa-M-Net, uYolisa Phahle.

OLUNYE UDABA: Izinto ezinhlanu okumele uzazi ngama-DStv Mzansi Magic Viewer's Choice Awards

Ngale nje kosaziwayo, kuphinde kwaklonyeliswa nabantu abavelele emphakathini. U-Anna Dithane ugoduke nesamba semali esingu-R50 000  ngemuva kokuhlabana ngendondo ye-1Life Life Changer ngokufukula umphakathi wakhe, neyethulwe kuyena i-1Life Direct. Omunye u-R50 000 utholwe u-Eugene Dithane, nokunguyena ophakamise leli lungu lomphakathi eliwinile.

Omunye wabantu abavotile ugoduke nemoto entsha ceke yohlobo lwe-Kia Picanto yenani lika-R150 000.

Phakathi kosaziwayo abebenandisa kubalwa uLady Zamar, uZodwa Wabantu, uThandiswa Mazwai, uLebo Sekgobela, uDJ Cleo, uWinnie Khumalo kanye noBusiswa.

UThembisa Mdoda ugoduke nendondo ye-Favourite Presenter kanye neye-Ultimate Viewers’ Choice Award.

Zibonele uhlu lwabo bonke abawinile ngezansi:

Song of the Year: Prince Kaybee – Charlotte

Favourite TV Presenter: Thembisa Mdoda

Favourite Comedian: Summary

Rising Star: Sjava

Favourite Radio Personality: B2Cada

Favourite Actor: Themba Ndaba

Favourite Actress: Vatiswa Ndara

Favourite Music Artist/Group: Kwesta

Favourite DJ: Black Coffee

Favourite Sports Personality: Caster Semenya

Ultimate Viewers’ Choice: Thembisa Mdoda

Host Bonang Matheba. #DSTVMVCA

A post shared by Channel24 (@channel24_sa) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...