Naba abalingisi besifazane abahola kakhulu kunabo bonke ku-2017

2017-08-17 19:30

Los Angeles – Owawina indondo ye-Oscar, u-Emma Stone, ngoLwesithathu ususe uJennifer Lawrence esicongweni sohlu lweForbes sabalingisi besifazane abahola kakhulu kunabo bonke onyakeni ka-2017.

UStone, 28, nowawina indondo yomlingisi wesifazane ovelele ngendawo yakhe ayidlala kwi-La La Land, wenza imali engu-$26m ngaphambi kwentela onyakeni ophele ngoJuni, ngokusho kombiko waminyaka yonke waleli bhuku.

Umlingisi owaduma kwiFriends, uJennifer Aniston, 48, naye uhlule uLawrence njengoba ephume isibili ngeholo elingu-$25.5m, usizwe yinqwaba yezivumelwano zokukhangisa ngemikhiqizo ehlukene.

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE:UZodwa Wabantu uthi akasiso isitabane kodwa akajoli namuntu

U-$24m kaLawrence ubuwanele ukuthi athathe indawo yesithathu yize noma ingalingani nemali lo mlingi oneminyaka engu-27 ubudala ayenza ngonyaka owedlule.

UMelissa McCarthy kanye noMila Kunis – benze imali engu-$18m kanye no-$15.5m ngokulandelana, kanti benza isibalo esiphelele sabalingisi besifazane abahlanu abahola kakhulu kunabo bonke emhlabeni.

Isibalo sabayishumi abaphambili sibandakanya u-Emma Watson, uCharlize Theron, uCate Blanchett, uJulia Roberts kanye no-Amy Adams.

Kodwa-ke abesilisa bona benza imali enkulu kakhulu kuna le njengoba intantodakazi yomlingisi, uDwayne The Rock Johnson, enza imali engu$64.5m kulo nyaka, nokuyimali ephindeke kabili kuleyo eyenziwe nguStone.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...