#MthokozisiNdaba: Uthi uzosebenzisana namaphoyisa kulandela izinsolo

2017-11-29 09:38

Durban - Usebuyile loyo ongaphumelelanga emcintiswaneni wama-Idosl SA kulandela izinsolo zokushaya owesifazane waze wamuhlephula izinyo, uMthokozisi Ndaba.

Amaphoyisa ngoLwesibili aqinisekise ukuphenya icala lokushaya.

NgoLwesibili, uNdaba ukhiphe isitatimende enkundleni yezokuxhumana ebikela abalandeli bakhe ngokuthi usezosebenzisana namaphoyisa ngemuva kokuba uNeo Tsele ethe wamushaya ngenqindi waphinde wamubhanqa nodonga ngesikhathi kuqhubeka ingxabano bephuze uphuzo oludakayo.

OLUNYE UDABA:IMzansi Magic iyaziqhelelanisa noMthokozisi kulandela izinsolo zokushaya

UTsele wafaka isithombe sakhe enkundleni yezokuxhumana i-Instagram, enamanxeba ebuswnei futhi opha nasemlonyeni.

NgoLwesibili, uNdaba ubhale ku-Instagram ethi usebuyele eGoli kulandela izinsolo zakamuva, wathi usezosebenzisana namaphoyisa kulolu daba.

Lo mculi waKwa-Zulu-Natal, uphinde wathatha ithuba lokukhangisa ngeculo lakhe elisha kanjalo nelabanye ayenabo kuma-Idols kubalwa nowunqobile lomncintiswano uPaxton Fielies.

UTsele watshela amaphoyisa ukuthi wayexabana nomunye wabangani bakhe ngesikhathi kungenelela uNdaba.

Babebonke efulethini lamzala waNdaba eBraamontein benephathi.

Ngemuva kwesigameko, washayela amaphoyisa ucongo kanjalo nomfowabo.

Uthe: "Amaphoyisa amfuna efulethini lamzala wakhe, kodwa angamthola. Kungenzeka ukuthi wayecashe kwelinye lamagumbi akuleli fulethi ngoba likhulu.

"Bengingazi nokuthi udumile ngoba bengingawabuki ama-Idols. Abangani bami abathi bamazela kuma-Idols futhi ngezwa esengishayile."

UPaxton ngoLwesibili uthe uyazwelana noNdaba.

Abama-Idols SA bona bathe bebengakaxhumani noNdaba.

Okhulumela iMzansi Magic uNondumiso Mabece, uthe iMzansi Magic nama-Idols SA ayihambisani nanoma yisiphi esenzo sokuhlukumeza, kodwa bazokweseka uNdaba ngokomsebenzi.

 - ISITHOMBE:

 - Daily Voice

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...