Luhamba phambili uhlelo lwaMseleku, Uthando neSthembu

2017-06-08 12:30

Durban - Luhamba phambili uhlelo olusha kumabonakude olumayelana nempilo yesithembu Uthando neSthembu lwendoda engusomabhizinisi enamakhosikazi amane, uMusa Mseleku.

UMseleku unamakhosikazi amane; uMamkhulu, uMayeni, uMakhumalo kanye noMangwabe kanye nezingane eziyishumi.

Lolu hlelo lusadlale isonto elilodwa kumabonakude kodwa seluzitholele ababukeli abangaphezu kwabangu-650 000.

OLUNYE UDABA:Uhlelo olusha olulandela impilo yomndeni osesithenjini

Ngokusho kwe-Television Audience Measurement Survey (TAMS) isiqephu sesibili salolu hlelo sibe nababukeli abangu-675 098 kanti lokhu kulubeke ohlwini lwe-top 10 lwezinhlelo ezibukwe kakhulu kuMeyi.

UMseleku owake watshela iphephabhuku iDrum ukuthi wayethukile ngesiqephu sokuqala sohlelo uthe, yena nomndeni wakhe bajabulile ngothando abaluthola kubantu abalubukayo uhlelo.

"Sijabulle kakhulu ngohlelo nangendlela olwamukelwe ngayo," kusho uMseleku.

Uthando neSthembu ludlala njalo ngoLwesine kuMzansi Magic (DSTV 161) ngezithuba zabo-20:00.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...