Lubuya ngezinkani uhlelo lwakuMzansi Magic olunyintandokazi

2017-09-07 18:00

eGoli - Lubuya ngezinkani uhlelo oluthandwa kakhulu olumayelana nabesimame abasejele iLockdown kusukela ngoMsombuluko wangomhlaka-9 Okthoba.

Lolu hlelo lubophele osaziwayo abathandwa kakhulu kuleli okubalwa kubo oPamela Nomvete, owayedlala indawo kaNtsiki Lukhele kuGenerations endala kanye noLinda Sebezo oselingisa kwiSibaya.

UNomvete uzodlala indawo kamphathi uDeborah Banda, ochazwa njengowesimame onemfihlo embi engaziwa wumuntu, kanti uSebezo uzodlala indawo kaMaki Magwaza oyisigebengu esisatshwa kakhulu.

OLUNYE UDABA:UKhaya Mthethwa ujoyine uhlelo lokholo kuMetro FM

Zisasekhona nezintandokazi ezifana noLorcia Cooper, Zola Nombona kanye noDawn Thandeka King.

"Isizini yokuqala yalolu hlelo yasibonisa impilo ephilwa ngabesimame abasemajele nezingqinamba ababhekana nazo," kusho isikhulu sezinhlelo kwaM-Net, uLufuno Nethengwe.

Kule sizini entsha kuvela okuningi ngezinto ezenzeka ejele kanye nezimfihlo, amathemba, usizi nakho konke okwenzeka eziboshweni uma zingaphakathi, kubika iSunday World.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...