Uqinisekise ukuhlukana nomyeni wakhe oyijaji kuma-Idols

2017-10-07 14:30

Johannesburg - Lowo owayengumsakazi emsakazweni omkhulu iMetro FM futhi oyijaji lama-Idols SA, u-Unathi Msengana uqinisekise ukuhlukana nomyeni wakhe weminyaka uThomas "Bad Boy T" Msengana.

Asezungeze izinyanga eziningi amahlebezi athi umshado walezi zithandani ulengela eweni.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa akukuhle emshadweni kalowo oyijaji lama-Idols

U-Unathi uqunisekise ukuhlukana kwabo ngoMgqibelo ekuseni engxoxweni abenayo no-Ayanda-Allie Paine iWeekend Wake Up.

"Sikahle, siwumndeni," kusho yena.

Laba bobabili bashada ngo-2009 kanti futhi banezingane bobabili.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...