Lihoxisiwe icala ebelibhekene nomlingisi

2017-07-16 11:01

Johannesburg - Usengokhululekile lowo owayengumlingisi weGenerations kulandela ukuhoxiswa kwecala abethweswe lona.

Icala lokushayela ephuzile ebelibhekene noThato Molamu lihoxisiwe eNkantolo kaMantshi ePitoli ngoLwesihlanu.

UThato utshele iSunday Sun ukuthi ujabule kakhulu ngokuthi leli cala ebelimkhathaza selihoxisiwe.

Ekhuluma ngesigameko esenza waboshwa, uThato uthe wamiswa ngamaphoyisa ePitoli, ambuza ukuthi udakiwe yini, kodwa yena wathi cha.

Lo mlingisi owaduma ngelikaNicholas kuGenerations, uthi elinye lamaphoyisa lathi limbonile ephuma endaweni edayisa utshwala.

OLUNYE UDABA: Akungikhathazi ukuthi ngojola noBen 10 - Zahara

“Ngabe sengibuza ukuthi ngabe lokho kuchaza ukuthi ngidakiwe yini. Lokho kwanza ukuba bangifuthise, kodwa kwatholakala ukuthi abukho utshwala egazini,” esho.

“Baphinda futhi bangifuthisa okwesibili. Kwabuya wona umphumela othi abukho utshwala egazini. Ngenxa yokungagculiseki, bathatha isinqumo sokungiyisa kudokotela ngiyohlolwa igazi.”

Uthi ngemva kwalokho bamthwesa icala.

UThato uthi: “Angazi inhloso yabo kwakuyini ngoba baphinde baqamba amanga ngokuthi ngangigijima."

Icala lihoxiswe ngemuva kokuba uMbuso ufune ukuba liphinde lihlehliswe ngoba usafuna ukwenza olunye uphenyo.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...