Ligqabukile igoda kuMinnie Dlamini

2017-02-12 08:30

Johannesburg - Kuthiwa umethuli wezinhlelo zezemidlalo uMinenhle Minnie Dlamini ufuna ukwenza izinto ngendlela yakhe futhi akafuni ukutshelwa.

Lesi yisona sizathu esenze umphathi wakhe uJarred Doyles we-Jarred Consulting amlaxaze.

Imithombo esondelene nabo ithi lentokazi ayifuni ukukhokha kodwa ifuna ukwenzelwa lukhulu nokuyinto esize yamcika uJarred.

“Ufuna izinto zenzeke ngendlela ethandwa wuyena ngaso sonke isikhathi kodwa engafuni ukukhokha ngendlela. UJarred ebenza umsebenzi omkhulu kakhulu kodwa yize kunjalo uMinnie ubeqhamuka esefuna okwakhe,”kusho umthombo weDaily Sun.

OLUNYE UDABA:Uyalotsholwa uMinnie Dlamini - Umbiko

UMinnie waqasha uJarred ukuthi kube nguyena ophatha umsebenzi wakhe ngemuva kokuthi alaxazwe uPhumza Nohashe owasebenza naye iminyaka emine.

Izinsolo zithi uPhumza washiya uMinnie ngemuva kwengxabano enkulu ebandakanya imali.

Omunye umthombo uthi uMinnie ubebona sengathi uJarred akamenzeli lutho olutheni yingakho esejoyine iCapacity Relations okuyinkampani ephethe osaziwayo abafana noPearl Thusi kanye noJessica Nkosi.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...