Lidedelwe ngebheyili ka-R50 000 isoka likaDJ Zinhle

2017-04-18 16:01

Johannesburg - Oyisoka likaDj wodumo kuleli uNtombezinhle "DJ Zinhle" Jiyane, uBrendon Naidoo, elisolwa ngokukhwabanisa udedelwe ngebheyili yemali engu-R50 000 ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra.

Umshushisi uJimmy Shongwe utshele inkantolo ukuthi uNaidoo usolwa ngokukhwabanisa imali eyisamba esingu-R1.2 million.

UNaidoo ubhekene necala lokweba nokukhwabanisa elingaphansi kwesigaba 5 kumthetho iCriminal Procedure Act.

OLUNYE UDABA: Lisenkantolo isoka likaDJ wodumo 

UShongwe ucele inkantolo ukuthi idedele uNaidoo ngemali engu-R100 000 kodwa ummeli wakhe uJay Naidoo walwa waze waphumelela, wabe esededelwa ngo-R50 000.

UNaidoo uthe umsolwa angakwazi ukukhipha imali engu-R50 000 kanti futhi uzokwazi ukuvela esiteshini samaphoyisa aseSandton ngoMsombuluko nangoLwesihlanu.

Umsolwa waduma ngemuva kokubonakala ezithombeni ezisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana enoDJ Zinhle.

UNaidoo kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngomhlaka-5 Meyi.

 - ANA

 - The Citizen

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...