LALELA: UKelly ulandisa ngemizuzu yokugcina kaSenzo Meyiwa

2017-08-25 18:03

Johannesburg – Umculi uKelly Khumalo usebenzise inkonsathi yakhe ukukhuluma ngemizuzu yokugcina kalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.

Ekhuluma ubezwakala ekhala, kuzwakala nezihlwele zizwelana naye, kubika iSowetan.

Ikhonsathi kaKelly, ebesihloko sithi Up Close and Personal with Kelly Khumalo, ibibanjelwe eGoli ngoLwesine ebusuku.

Kule khonsathi kudlalwe umqopho lapho elandisa khona ngokwenzeka ngosuku okwashona ngalo uMeyiwa.

Uthi yena nabangani bakhe noMeyiwa baya emzini kamama wakhe oseVosloorus beyodla isidlo sasemini. Uthi lokhu babekwenza njalo ngeSonto, kepha ngomhlaka-26 Okthoba 2014 usuku lwaphela sekumuncu.

“Kwakuwusuku olumnandi, sijabule. Kwathi sesizohamba kwazwakala kukhona okushaya isicabha, sase siyavuleka kwangena amadoda amabili. Omunye wangikhomba ngesibhamu efuna imali nomakhalekhukhwini ngase ngiyabaleka ngiya egumbini likadadewethu. Wangilandela ngase ngiphusha isicabha ngizama ukusivala, waqhubeka nokusiphusha waze wadikibala,” kuchaza uKelly.

UKelly uthi wayezama ukusindisa impilo yakhe wayesekhohlwe nayizingane zakhe.

“Kwathi kusenjalo uSenzo wagijima weza kimi. Ngangicabanga ukuthi uzama ukungivikela ezigebengwini, kepha wayenegazi esifubeni nasemhlane. Yilapho engabona khona ukuthi udutshuliwe. Asikwazanga ngisho ukulinda i-ambulensi, samphuthumisa esibhedlela. Ngenza konke okusemandleni ngoba ngangingafuni acabange ukuthi ngimyekelelile," esho ekhala.

Lalela lapha ngezansi echaza ngemizuzu yokugcina kaMeyiwa:

The most painful part of the show ???????????? #UpCloseAndPersonalWithKellyKhumalo

A post shared by Arthur Mafokate (@arthurmafokate) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...