LALELA: UGandaganda kaBabes Wodumo

2017-08-29 16:40

Durban - Nali iculo lodumo elisuse umsindo namuhla ngesikhathi uBabes Wodumo ethi ulahlekelwe yi-USB eneculo elishisa izikhotha elithi Gandaganda.

Lo mculi wodumo lwengoma esihloko sithi Wololo ufake i-video ezinkundleni zokuxhumana lapho ecela khona abantu ukuthi bamtholisele nge-USB enecula lakhe elisha abengakalikhiphi ngokusemthethweni.

OLUNYE UDABA:Nakhu okwenze uBabes Wodumo kukhulunywe ngaye ngapha nangapha

Ngemuva kwamahora ambalwa, nabantu 'sebemsaphaze' baqeda ezinkundleni zokuxhumana, uBabes uveze ukuthi useyitholile i-USB yakhe kanti futhi izophuma kusasa (ngoLwesithathu) le ngoma esisuse umsindo.

Yize izophuma kusasa ingoma okukholakala ukuthi izoba nesigqi seGqom, lo mculi wafaka enkundleni yezokuxhumana u-Instagram ecula leli culo.

LALELA LAPHA NGEZANSI:

Washa???????????????

A post shared by Bongekile Simelane (@babes_wodumo) on

ong>

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...