LALELA: Ingoma ebhalelwe u-Ontlametse

2017-04-19 14:01

Durban – Umculi ozinze KwaZulu-Natal, uMlikza, ubhalele u-Ontlametse Phalatse ingoma kulandela ukudlula emhlabeni kwale ntokazi ebinogazi kwabaningi ngenxa yokukhululeka kwayo nokungazenyezi.

Inkonzo yokukhumbula uPhalatse izobanjelwa eHerbon village, enyakatho yePitoli ngoLwesithathu.

UPhalatse, 18, udlule emhlabeni ngesonto eledlule kunguLwesibili ngemuva kokuphathwa yisifo i-Progeria okuyisifo esidala ukuthi umuntu aguge ngokushesha.

Le ntokazi bekuyiyo kuphela ensundu ebiphila nalesi sifo eyaziwayo emhlabeni wonke jikelele.

UPhalatse wayemenywe njengesikhulumi emcimbini okwakugujwa kuwo usuku lokuzalwa lukaMengameli Jacob Zuma, ehlanganisa iminyaka engu-75 ubudala, nolwafika engasekho emhlabeni.

USihlalo we-Ontlametse Phalatse Trust, uDkt Babalwa Ka-Mabhoza uthe le ntombazane ichazwe njengesimangaliso njengoba bekungafanele iphile idlule eminyakeni engu-14 ubudala, kodwa yona yaphila yaze yaba neminyaka engu-18 ubudala.

Iningi lezingane eziphila ne-Progeria azifiki eminyakeni engu-13 ubudala ziphila. Lesi sifo siphatha zonke izinhlanga, noma yibuphi ubulili ngokulingana.

LALELA ICULO BESE UBUKA NE-VIDEO NGEZANSI:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 12-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...