LALELA: Abalendeli baBabes bahlukene phakathi ngengoma yakhe kwiBlack Panther

2018-02-09 19:39

eThekwini - Akuyona inhlanhla ewela kunoma wubani ukuthi umculi we-gqom azithole eseyingxenye ye-albhamu yefilimu edlala emhlabeni jikelele.

Le nhlanhla iwele kwintokazi esencane futhi esafika kwezomculo, uBongekile Simelane, odume ngelikaBabes Wodumo.

Le ntokazi ingomunye wabaculi abathathu bakuleli abanezingoma eziyingxenye ye-albhamu iBlack Panther :The Album, nokuyi-albhamu yefilimu elindelwe ngabomvu.

OLUNYE UDABA: BUKA: Uthando lodwa ngohlelo lukaDJ Zinhle

UBabes ufakwe engomeni iRedemption ayicula ngokubambisana noZacari.

Le ngoma idedelwe ngoLwesihlanu emini kanti abathandi bomculo sebayigxeke bayiqeda, njengoba behlukene phakathi ngemibono.

Kule ngoma uBabes Wodumo ushaya ivesi elithi: “Oh my word, oh my gosh, everybody say kikirikiki kikirikiki kikirikiki”.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...