Laba abathi ngiyakhwabanisa abalethe ubufakazi - Mzwakhe Mbuli

2017-07-13 12:31

Johannesburg – Umculi ophinde abe yimbongi uMzwakhe Mbuli osolwa ngokukhwabanisela umndeni kaMduduzi “Mandoza” Tshabalala, uphikile ukuthi ubheke ukuzuza ngokushona kukaRay Phiri.

Lokhu kulandela ukuthi umsakazi wezemidlalo kuPower FM, uThabiso Mosia, ebhale ezinkundleni zokuxhumana exwayisa umndeni wakwaPhiri ukuba uqaphele ungaqolwa nguMbuli.

UMosia usola uMbuli ngokwenza sengathi usiza abashonelwe kanti ufuna ukugcwalisa amaphakethe akhe ngemali ayiqoqa ezikhulwini zikahulumeni, kepha ingafinyeleli emindenini yabashonelwe. Uthi ekugcineni kuba ngumndeni ogcina ukhiphe imali wakhokhela zonke izinto nakuba uxhaso luphumile.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswe umndeni kaRay Phiri 'ngeqola' eliwuMzwakhe Mbuli

Usolwa nangokufaka ngopotsho abefundisi nabaculi ohlelweni lomngcwabo walowo osuke eshonile ngoba usuke esexoxile nabo la befundisi nabaculi ngemali.

Ekhuluma nezindaba zeTshisaLIVE, uMbuli uziphikile izinsolo zikaMosia wathi uma kungukuthi kuyiqiniso lokhu akushoyo akalivulile ngani pho icala emaphoyiseni.

“Ngiyaziphika lezi zinsolo engibekwa zona, futhi ngiphonsela uThabiso inselelo yokuthi angivulele icala uma esola ukuthi kukhona la ngakhwabanisa khona. Angilona iqola. Anginayo inkohlakalo. Ngalwela inkululeko yala bantu manje sebengisola nokuwaka?” esho.

Uthe labo abamsolayo abalethe ubufakazi. “Ngikujwayele vele ukusolwa, ngibona kukuhle ukuthi ngihlehle emalungiselelweni omngcwabo kaRay,” ephetha.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...