Kwethulwe umcimbi wokuklonyeliswa ko-DJ eThekwini

2017-08-22 07:01

Durban - Kulindeleke ukuthi imbokodo ibambe iqhaza emcimbini ozobe ungowokuqala walolu hlobo edolobheni iTheku.

Lo mcimbi owaziwa nge-South African DJ Awards wethulwe ngokusemthethweni ngempelasonto eLangeni Hotel, eThekwini, lapho kuvezwe khona o-DJ abaphakanyiselwe ukuthola izindondo.

Abahleli balo mcimbi bathi bazungeza iNingizimu Afrika yonke ngenhloso yokwazisa imiphakathi kanye nabo o-DJ ngalo mcimbi ngoba bafuna ukufinyelela kuwo wonke umuntu.

UNonny Siphika oyisikhulu sezokuxhumana uthe: "Sifuna ukuhlonipha wonke umuntu kule mboni ngoba baningi abantu abanamakhono kodwa abangahlonishwa ngeqhaza labo."

Uqhubeke wathi o-DJ benza umsebenzi oncomekayo wokujabulisa abantu ezindaweni zobumnandi futhi basebenzisane nabaculi kodwa kukancane ukubona o-DJ behlonishwa ngomsebenzi wabo.

OLUNYE UDABA:Bacishe babambana ngezihluthu emcimbini o-DJ Tira noProfessor

USiphika uthe basazohambela eKapa naseGoli ukuvundulula ithalente lo-DJ abasafufusa ukuze bathole amathuba okuqhakambisa amakhono abo futhi bafunde nangezindlela zokuba yingxenye yalo mcimbi.

O-DJ abanentshisekelo yokungenela kokubamba iqhaza kulokhu bangathumela umculo wabo odidiyelwe ku-www.sadjawards.co.za.

Ukuvota kuzovulwa ekuqaleni kukaSepthemba kanti umcimbi omkhulu uzobanjelwe eNkosi Albert Luthuli, khona eThekwini, ngomhlaka-23 kuDisemba.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...