Kwanyanya abahleli osaziwayo ababili bengalubhadi emcimbini

2017-04-16 09:06

Johannesburg - Abalandeli nabahleli bomcimbi basala bedumele ngesikhathi usomahlaya wakuleli uSkhumba Hlophe nomlingisi womdalo wakumabonakude iGenerations: The Legacy uThando Thabethe bengalubhadi emcimbini wama-Township Entrepreneur Awards.

Laba bobabili kusolwa ukuthi babemenyelwe ukuba bazophatha uhlelo olwaluseCarnival City eKurhuleni ngoMgqibelo ebusuku.

Imithombo eyayikulo mcimbi ithe, uThando bekufanele aphathe uhlelo kanye noSkhumba.

Omunye wemithombo uthe: "UThando ubeqashelwe ukuphatha uhlelo klanye noSkhumba kanti wonke umuntu ubebalinde ngabomvu. UThando wabaphoxa njengoba ayeqashwe emcimbini emibili ngosuku olulodwa."

Omunye umthombo uthe: "Akekho owaziyo ukuthi kungani uSkhumba yena engafikanga emcimbini. Wayengatholakali ocingweni. Abahleli babezama ukuxhumana naye kodwa lutho ukutholakala."

Omunye umthombo uthe: "Abahlelo bomcimbi bacela uThando ukuba ababuyisele imali yabo njengoba engazange akwazi ukufika emcimbini. Nangempela imali wababuiyisela."

OLUNYE UDABA: Basale bedangele abalandeli engaqhamuki uNaak Musiq

Lo mthombo uophinde wathi abahleli bomcombi babedinwe begane unwabu ngesikhathi noSkhumba engafiki.

" Kwakufanele baqhamuke necebo elisheshayo. Kwakucaca nje ukuthi abaphathi bohlelo angeke balubhade."

Kodwa umhleli womcimbi uJulius Mekwa ukuphikile ukuthi uSkhumba noThando abafikanga emcimbi nokuthi kwakufanele kufakwe abanye abantu esikhundleni sabo.

UMekwa uthe: "Asizange sifike emaphethelweni noSkhumba kanti uThando yena kwakufanele alifulathele elakuleli."

UMashabela Galane wangena esikhundleni sikaSkhumba kanti uDineo Moeketsi nguye owangena kwesikaThando.

UDineo uthe: "Angitshelwanga ngalokho. Ngacelwa kusenesikhathi ngokuphaphatha umcimbi. Angazi lutho ngokungena ezikhalni zabanye abantu."

UThando noSkhumba abatholakalanga bephawula.

 - Sunday Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...