Kwamukelwe omunye umzukulu emzini wakwaKardashian

2018-04-14 12:32

Cape Town  - Isihlabani sakumabonakude sohlelo iKeeping Up with the Kardashians, uKhloe Kardashian nesoka lakhe uTristan Thompson bamukele ingane yabo yokuqala yentombazane.

Abezindaba i-TMZ ibike ukuthi lezi zithandani zamukele ingane yazo ngoLwesine ekuseni. Lezi zindaba ziza ngemuva kokuba kubikwe izinsolo ezithi lesi sihlabani somdlalo webhola iCleveland Cavalierssijolele uKhloe.

Ngemuva jkwezinyanga zokuhlawumbisela ukuthi ukhulelwe, uKhloe ukuqinisekise ngoDisemba ukuthi ukhulelwe ingane yakhe yokuqala.

OLUNYE UDABA:Ngenza ucansi kaningi ukuze ngikhulelwe - Kim

Lesi sihlabani sikamabonakude siqinisekise lokhu kwisiqephu sohlelo iKeeping Up with the Kardashians ukuthi sizothola ingane yentombazane.

Okwamanje uKhloe noTristen bebengakalidaluli igama lengane yabo.

UKhloe uyindodakazi yesithathu yakulo mndeni wakwaKardashian nowakwaJenner ukwamukela ingane yentombazane.

NgoJanuwari uKim Kardashian noKanye West bamukela indodakazi yabo uChicago West (bephathelwe/surrogate).

UKylie yena waqinisekisa amahlebezi ngesikhathi ememezela ngokubeletha ingane yakhe yokuqala nesola lakhe uTravis Scott ngomhlaka-1 Febhuwari.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...