Kuzungeza athi uMinnie uzojoyina iSupersport

2017-01-22 13:30

Johannesburg - Isihlabani sakumabonakude uMinenhle 'Minnie' Dlamini kusolwa ukuthi sesizitholele ikhaya elisha eRandburg, eGoli.

Ngokusho kwemithombo esondelene noMinnie owayengumethuli wohlelo lwezemidlalo kumabonakude iSoccerZone ithi uMinnie uzojoyina iSupersoprt.

Lo mthombo uthe uMinnie uke wabonakala emahhovisini amakhulu akawaSupersport ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

OLUNYE UDABA:Usethi khumu ekushayeleni uhlelo lwezemidlalo iSoccerZone

Omunye umthombo utshele iSunday Sun ukuthi lesi sihlabani saKwaZulu-Natal, eThekwini siphinde sishelwe ngabakwa-e.tv.

"Lesi siteshi esizimele sashela uMinnie kudala kodwa ubengakakulungeli," kusho lo mthombo.

Omunye umthombo uthe uMinnie uzobe ephethe uhlelo lwama-Africa Magic Viewers' Choice Awards ngoMashi okuphinde kuvuse izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi isiteshi i-Dstv ingase ibe yikhaya likaMinnie elisha.

Lo mthombo uphinde wathi lesi siteshi singamfanela kakhulu uMinnie.

UMinnie akatholakalanga ephawula kanti futhi akayiphendulanga nemiqhafazo athunyelelwe yona.

Okhulumela abakwaSupersport uClinton van der Berg uthe kunamahlebezi kodwa akukakaqinisekiswa lutho ngawo. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...