Kuzungeza athi uHeavy K uthembise intombi umshado

2016-10-16 12:33

Johannesburg - Kusolwa ukuthi uDJ wodumo kuleli ophinde abenguphrojusa yHeavy K ogama lakhe lokuzalwa nguMkhululi Siqula usethathile.

Kuzungeza amahlebezi athi akakwazanga ukuyibamba injabulo yakhe ngemuva kwezinsolo zokuthembisa umshado intombi yakhe u-Innocentia Morolong.

OLUNYE UDABA: UHeavy K ubonge umama wengane ngonyanyavu lwemoto

Lo phrojusa odume kakhulu ngoDrumbossufake isithombe sakhe eshambisana nombhalo omuhle enkundleni yezokuxhumana.

Umthombo osondelene nalezi zithandani uthe fanele engabe wakwenza kudala lokhu.

"Baqale ukujola ngonyaka ophelile kanti selokhu bathandana ukufa. Baze bazama nokubugcina buyimfihlo ubudlelwano babo kodwa kunzima ukwenza lokho."

Umhtombo uthe uHeavy K wathengela u-Innocentia imoto, besekucaca nje ukuthi indandatho iyalandela.

Ngesikhathi abephephandab iSunday Sun bethinta u-Innocentia, akazange akuqinisekise noma aphikise ukuthenjiswa indandatho.

UHeavy K yena ucele ukuthunyelelwa i-email kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuyoshicilela engakabuyeli kwabephephandaba.

 

 

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sunday Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...