Kuzobe kubungazwa abaculi beJazz kwiMlazi Jazz Festival

2017-12-19 11:06

Duraban - Ilokishi elikhulu eThekwini uMlazi lizokwethulela umcimbi wokuqala ngqa kuleli sonto obizwa ngeMlazi Jazz Festival. 

Lo mcimbi uzobe ungoMgqibelo wangomhlaka-23 Disemba eKing Zwelithini Stadium.

Kubikwa ukuthi inhloso yalo mcimbi osungulwe yinkampani iNje’s Promo & Entertainment kasomabhizinisi uNje Buthelezi kungukubonga izinkakha zomculo weJazz kanjalo nokufukula abaculi abasafufusa nokubungaza nendawo yaseMlazi okuyilokishi elikhulu KwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA:I-The Soil ihlela ukuhlawulisa umhleli we-Ugu Jazz Festival

Lo mcimbi osubhekwe ngabomvu uzobe uqukethe abaculi beJazz okubalwakubo uLira, uZakes Bantwini, uDr Brian Thusi nenkakha yomculo kaMasikandi uKhuzani.

Amasango azovulwa ngezithuba zabo-10:00 ekuseni kanti umcimbi wona uzoqala ngezithuba zabo-12:00 emini.

Amathikithi ayatholakala eTicketPro - ezitolo okubalwa kuzo: uSPAR, uPick ‘n Pay, u-Edgars, u-Edgars Mobile, u-Edgars Connect, u-CNA, uJet no-JetMart nakwaSamsung enxanxatheleni yezitolo iGalleria.

Amanani amithikithi ami kanje; ajwayelekile atholakala ngo-R200, awe-Golden Circle u-R350 kanti awezicukuthwane wona angu-R1 000 ithikithi ngalinye.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...