Kuyaphela 'ngoSmangele' kuZalo

2017-11-15 12:30

Cape Town - Kwaqale kwashiya uKay Sibiya kulo mdlalo oyintandokazi kumabonakude uZalo olutshengisa ku-SABC 1 njalo phakathi nezinsuku, wathuthela eGoli lapho afike wazitholela khona indawo kwi-The Queen etshengisa kuMzansi Magic.

Kwalandela uKhaya Dladla, odlala indawo ka-GC, okwabikwa ukuthi wakhululwa ngemuva kokukhalaza ngeholo.

Njengamanje lo mdlalo usukhulule uLeleti Khumalo noSihle Ndaba.

ULeleti odlala indawo kaMaNzuza useyashiya kulo mdlalo, wazwakalisa ukubonga ngendawo abeyidlala kanjalo nokunikezwa ithuba lokwakha ubudlelwano nababukeli nabalandeli bakhe ngokuba yingxenye yohambo lwakhe lweminyaka kwezikaqedisizungu.

OLUNYE UDABA:Usinde esedliwa yizembe owoZalo

Khonamanjalo, uSihle yena obedlala indawo kaSmangele, yena ushiye umdlalo ngenxa yezinguquko ezenziwe kuwo.

Ngokusho kwabaphrojusa lo mdlalo, "uZalo beludinga ushintsho kanti indawo kaSihle yona yesuliwe. Asikwazi ukusho ukuthi ngabe uzobulawa noma cha kodwa angeke esabonakala kulo mdlalo."

Ophrojusa bazwakalise ukuthi bekuyintokozo ukusebenzisana nalaba bobabili.

USihle noLeleti kubikwa ukuthi bazogcina ukuqopha ngomhlaka-15 Disemba kodwa izindawo abazidlalayo zona zizoqhubeka nokubonakala kwisizini yesine esiqeshini sesithupha.

 - INSTAGRAM:

Hello World ??

A post shared by SihleNdaba (@thesihlendaba) on

Me, myself n I

A post shared by Leleti Khumalo (@leletikhumalo) on


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...