Kuxwayiswe umndeni kaRay Phiri 'ngeqola' eliwuMzwakhe Mbuli

2017-07-13 11:01

Johannesburg – Umsakazi wezemidlalo kuPower FM, uThabiso Mosia, ubabele ezinkundleni zokuxhumana wasola imbongi yakuleli uMzwakhe Mbuli ngokuqola imindeni esuke ishonelwe.

UMosia ugonyuluke konke enkundleni yezokuxhumana uTwitter ngoLwesithathu, waveza nokuthi ubufakazi bokusekela konke lokhu akushoyo uyobukhipha uma esebuyele eNingizimu Afrika kwazise uphesheya kwezilwandle ngokomsebenzi.

Lezi zindaba ziza ngemuva kokuthi kudlule emhlabeni inkakha yomculo we-jazz uRay Phiri, lapho uMosia edlulise khona amazwi enduduzo wabe esethi uyethemba ukuthi uMbuli ngeke azame ukuwuqola lo mndeni njengoba enza kungcwatshwa uMduduzi “Mandoza” Tshabalala.

UMosia ube eselandisa ngezinsolo zokukhwabanisa ezenziwa uMbuli ngesikhathi kufihlwa uMandoza ngo-2016.

Funda nansi imibhalo yakhe lapha ngezansi:

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...