Kuvele ukuthi ngeyakhe ingane abeyiphika owoZalo - Umbiko

2017-01-16 07:20

Johannesburg - UMlingisi woZalo obephika ingane yakhe nowayengumsakazi weGagasi FM, kuvele ukuthi unguyise wayo, kubika iSolezwe langeSonto.

Imiphumela yolibofuzo ikhomba ukuthi uKhumbulani ‘Kay’ Sibiya,29, ongu-Ayanda  Mdletshe kuZalo nguye uyise wengane eneminyaka emibili ubudala, kaZookey Zarling,40.

Imiphumela yolibofuzo iphume ngesonto eledlule eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.

Kuthiwa ayehlangakahle le miphumela kuKay njengoba ecele ukuba ibuyekezwe ngoba ekholelwa ukuthi kukhona okushaya amanzi ngayo.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni umculi wakuleli we-Jazz

ISolezwe langeSonto lithi linayo incwadi enemiphumela yolibofuzo.

Kuthiwa imiphumela iphume ithi amathuba okuthi unguyise wengane angu-99.9%.

Kwenzeka konke lokhu nje ubefakwe enkantolo kunina wengane efuna isondlo sika-1 800 ngenyanga, nokuyilapho athi yena akayena uyise wengane ufuna kwenziwe ulibofuzo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...