Kuvela ukuthi ubenesifo senhliziyo u'Bra Eddie'

2018-01-26 13:59

Johanneburg - Uqweqwe lomlingisi ongasekho emhlabeni, uSandy Mokwena, kubikwa ukuthi uchithe imizuzu yakhe yokugcina nendodana yakhe, u-Itumeleng, esibhedlela.

UMokwena udlule emhlabeni ngezintatha zangoLwesine eneminyaka engu-68 ubudala.

Indodakazi yakhe, uKeabetswe Mokwena, uthe bese kuphele isikhathi esingangonyaka ubaba wakhe ephethwe yisifo senhliziyo.

Kuthiwa ube esexineka kakhulu ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, kubika iSowetanLIVE.

"Ubenesifo senhliziyo. Ubengena ephuma esibhedlela kepha kuthe ngesonto eledlule waqinisela waya emsebenzini lapho beqophela khona iScandal!. Ngiyacabanga ukuthi bekuyindlela yakhe yokuyobavalelisa," kusho uKeabetswe.

UMokwena ubaziwa kakhulu ngendawo kaBra Eddie abeyidlala kwiScandal! kusukela lo mdlalo wasungulwa ngo-2005.

Ukudlula emhlabeni kukaMokwena kushiye abaningi beshaqekile ezinkundleni zokuxhumana njengoba ilokhu igeleze njalo imiyalezo yenduduzo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...