Kuthuke abaningi umsunguli weJoyous Celebrations engeniswa esibhedlela

2018-03-12 11:00

Johannesburg - Umsunguli weqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration, uLindelani Mkhize, uchithe izinsuku ezintathu esibhedlela esiseThekwini ngemuva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo ngesonto eledlule.

Lezi zindaba zithuse amalungu eqembu, nokho athatha isinqumo sokuthi azigcine ziyimfihlo.

UMkhize, 52, uchithe ubusuku obuthathu esibhedlela iLife Entabeni, eBerea, eThekwini.

OLUNYE UDABA:Ube muncu umhleli we-Joyous Celebration owesilisa ecela intombi - Umbiko

UMkhize, ohlezi ezihlekela, utshele iSunday World ngoMgqibelo ukuthi ubonga ukuphila.

Uthe odokotela bamtshela ukuthi uhlaselwe yisifo senhliziyo kodwa uqinisekise umphakathi nabalandeli bakhe ukuthi uyelulama.

"Odokotela bathe ngihlaselwe yisifo senhliziyo, bengikhathele kakhulu. Sengiphumile manje esibhedlela futhi ngizoqhubekla nokusebenza kodwa ngeke ngizixine, njengokusho kodokotela," esho.

Uthe ngesikhathi ehlaselwa yilesi sifo wayeseThekwini.

UMkhize uphinde wathi odokotela bazomazisa maduze ngembangela yokugula kwakhe.

"Okwamanje bathe wukukhathala okuyinto engiyiqondayo ngoba sisebenza kanzima. Ngizozwa odokotela uma sebeqalile ukuhlola."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Scattered tstorms late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C Sprinkles early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...