Kuthuke abalandeli uSkolopad ememezela ukuthi uzoshumayela enkonzweni

2017-08-18 11:01

Cape Town – Umculi wakuleli, uNonhlanhla Qwabe, odume ngelikaSkolopad – uthuse abalandeli ngesikhathi ememezela ukuthi uzoshumayela enkonzweni yangoLwesihlanu.

USkolopad waqala ukuba ngundabamlonyeni kuleli ngesikhathi ehambele umcimbi wokuklomelisa ngezindondo waminyaka yonke, ama-Metro FM Music Awards, nalapho ayegqoke khona ingubo ephuzi (yellow) eveza kakhulu umzimba wakhe, nokwashiya abantu bengawuvali umlomo ngonyaka odlule.

Skolopad

(Isithombe: Gallo Images)

Kodwa-ke lo mculi odume ngokugqoka izingubo eziveza amathanga kanye ne-tattoo esesinqeni, wafika egqoke ngendlela ehluke kakhulu kunaleyo ngesikhathi ehambele umcimbi owobukhazikhazi waminyaka yonke, iDurban July, nalapho achaza khona lokhu kugqoka kwakhe njengokuzalwa kabusha kukaSkolopad. Lo mculi waphinde washintsha nendlela aziwa ngayo, wazibiza ngo-Queen Skolopad.

OLUNYE  UDABA: OweGenerations ulindele ingane yesine nesoka alithole ngonyaka odlule

Kodwa-ke uNonhlanhla, ophinde abe ngumhlengikazi, uthi abantu abamazi okwangempela, njengoba ethi abangani kanye nezihlobo bahlale bembuka njengomuntu wokholo.

“Ngesikhathi ngiqala ukucula, abantu abasondelene nami babemangele ngoba babecabanga ukuthi ngizokhipha i-albhamu yomculo wokholol," kusho uSkolopad.

Ekhuluma neThe Juice, uthe: “Yebo, ngicula i-gospel, futhi ngiyakuthanda ukudansa. Ngangifuna ukwanelisa wonke umuntu.”

Kodwa-ke le ndlela entsha akusiyo into ethusayo njengoba lo mculi wengoma ethi Umzimba, ubaba wakhe engumfundisi. “Nginezimpandle zokukholwa njengengane kamfundisi,” usho kanje.

Skolopad

(Isithombe: Gallo Images)

USkolopad uthi wamukele isicelo sikaPastor Lerato ngoba efuna abantu baqonde ukuthi naye ungumuntu futhi uyakholelwa kuNkulunkulu.

Uthi waxwayiswa ngumama wakhe ukuthi uma ngabe eqhubeka nale ndlela enza ngayo, angase abhekane nezinkinga futhi nezinto zakhe zingamlungeli. 

Zibonele imininingwane yale nkonzo ngezansi: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...