Kutholakale ukuthi akasenaso isifo umculi weGospel

2016-03-14 11:30

Johannebsurg - Kubukeka sengathi ikhambi likamalaleveva elinikwe umculi we-gospel, uSfiso Ncwane, lisebenzile.

NgoLwesihlanu yena nokakhe, u-Ayanda, bathi ku-Instagram lo mculi kutholakale ukuthi unomalaleveva kanti ngesikhathi ekhuluma neDaily Su, u-Ayanda uthe bebesendleleni ebheke enkonzweni futhi wala ukusho ukuthi ngabe uSfiso uwasebenzisile yini amakhambi avikela lesifo ngesikhathi evakashela amazwe ase-Afrika.

Funda nalolu daba: Uwelwe yindlu washona 'obesehluphile nge-woonga'

“Ngeke ngiphawule ngoba iDaily Sunu ivame ukungabhali izinto ezinhle ngathi,”kusho u-Ayanda.

Ngokuhamba kwesikhathi u-Ayanda ubhale ku-Instagram ukuthi umyeni wakhe kutholakale ukuthi akasenawo umalaleveva.

“Umalaleveva wehlulekile; umyeni wami akasenawo ngemuva kokusebenzisa ama-antibiotics.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...