Kutholakale isidumbu sowesimame ngasezimobeni eMpangeni

2017-11-03 16:01

EMpangeni - Amaphoyisa aphuthume epulazini eliseWilson Park ngaphandle kwaseMpangen lapho kutholakale khona isidumbu sentombazane.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iZululand Observer lesi sidumbu sitholwe ngabantu ababili abebesendleleni eya emsebenzini.

Eduze kwesidumbu bekunekhondomu esebenzile kanti lesi sidumbu besinokulimala emathangeni, kodwa akucacile kahle uma umufi enukubezwe ngokocansi noma cha ngaphambi kokubulawa.

OLUNYE UDABA:Isidumbu sendoda ebidukile sitholakale esiswini senhlwathi

Isakhamuzi sakule ndawo sithi sibikele inkampani yonogada esebenzela kule ndawo ngemuva kokuba abantu ababili bathole lesi sidumbu.

“Asimazi lo wesimame futhi asikaze simbone endaweni, sisola ukuthi ubulawelwe kwenye indawo wazolahlwa lapha,” kusho izakhamuzi.

Umlimi wakule ndawo ongafunanga igama lakhe lidalulwe ugxeke kabi amaphoyisa ngokuhudula izinyawo.

“Ngishayele amaphoyisa ngo-08:30 ekuseni kodwa aze afika sekugamanxe ihora leshumi nanye,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa akule ndawo uCaptain Mdlalose usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe icala.

“Kukholakala ukuthi lo wesifazane useminyakeni ephakathi kuka-20 -22 ubudala futhi uyakhanya ngokwebala. Sinxusa amalungu omphakathi asondele ngolwazi lowesimame onyamalele,” kusho yena.

Uma kukhona onolwazi olungaba wusizo angaxhumana nenhloko yabaseshi uColonel Bonga Mdlalose ku-082 5570365.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...